Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:13 - IsiZulu 2020

13 USimakade esezulwini ubuka phansi emhlabeni, ababone bonke abantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:13
13 Referans Kwoze  

Ngokuba nguye owabeka imikhawulo yomhlaba, ubona konke okuphansi kwezulu.


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.


USimakade wabuka phansi, esekuphakameni ezulwini, endaweni yakhe engcwele, wabuka emhlabeni


aze abheke uSimakade, abone esezulwini.


UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.


Ngokuba uyabazi abantu bamanga, lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?


Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite