Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:11 - IsiZulu 2020

11 Icebo likaSimakade limi ingunaphakade, namasu asenhliziyweni yakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:11
17 Referans Kwoze  

Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


USimakade Wamabandla ufunge wathi: “Impela njengoba ngihlosile kuyokuba kanjalo, nanjengoba ngihlelile kuyokuma kanjalo,


Ngokuba uSimakade Wamabandla unqumile; ngubani oyakuguqula lokho na? Isandla sakhe sizogadla; ngubani oyakusinqanda na?


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Simakade, yeka ubukhulu bemisebenzi yezandla zakho! Imicabango yakho ijule kakhulu.


“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.


okwaziwayo kwaphakade.


“ ‘Awuzwanga yini kwakudala ukuthi ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakunquma; manje sengikufikisile ukuba ubhubhise imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba.


Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite