Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:10 - IsiZulu 2020

10 USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova uyachitha icebo lezizwe; Uchitha amacebo abantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:10
23 Referans Kwoze  

Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;


oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”


Simakade, ungazivumeli izifiso zezikhohlakali, ungawaphumelelisi amacebo azo, funa zizikhukhumeze. Sela


Abezizwe baphonseke phansi emgodini abawumbileyo, unyawo lwabo lwabhajwa enethini abangifihlele lona.


Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.


AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.


Thokozani, mazulu, ngokuba uSimakade usukumile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, nihlabelele kakhulu nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uSimakade umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela, wazidumisa ngo-Israyeli.


U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


kodwa uma ubuyela emzini ufike uthi ku-Absalomu: ‘Sengizokuba yinceku yakho manje njengoba bengiyinceku kayihlo, manje sengizoba ngeyakho,’ ngokwenza lokho nje uyokwazi ukungibhuntshisela amasu ka-Ahithofeli.


USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi.


Umuntu kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngoba abase-Aramu behlele khona.”


Sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabeka abaqaphi ukulinda ubusuku nemini.


“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


“ ‘ “Lokhu okusengqondweni yenu, impela akusoze kwenzeka, enicabanga, nithi: Siyakufana nezizwe, sifane nabantu bezwe, nathi sikhonze ukhuni netshe.


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite