AmaHubo 31:7 - IsiZulu 20207 Ngizokwethaba ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE7 Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; Gade chapit laContemporary Zulu Bible 20247 Ngiyakujabula, ngethabe ngomusa wakho, ngokuba ukubonile usizi lwami; Uwazi umphefumulo wami ekuhluphekeni; Gade chapit la |
“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, uhlale usigcina njalo isivumelwano sakho somusa. Yonke le nkathazo esehlelayo mayingabi ncane ebusweni bakho, thina namakhosi ethu, nezikhulu zakithi, nabaphristi bakithi, nabaphrofethi, nawokhokho, nabo bonke abantu bakho, kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya kuze kube namuhla.
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.