Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:5 - IsiZulu 2020

5 Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho, ungikhululile, Simakade, Nkulunkulu weqiniso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngibeka umoya wami esandleni sakho; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Esandleni sakho ngiyawubeka umoya wami; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu weqiniso.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:5
15 Referans Kwoze  

UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.” Esekushilo lokho, wafa.


UStefani bamkhanda ngamatshe, yena ekhuleka, ethi: “Nkosi uJesu, yemukela umoya wami.”


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


Izindebe zomlomo wami zizojabula, nomphefumulo wami ukuhubele, ngokuba ungihlengile.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Uma singethembekile, Yena uhlala ethembekile, ngokuba akakwazi ukuziphika.


Uyomhlenga u-Israyeli kuzona zonke iziphambeko zakhe.


uma esezithengisile unelungelo lokuhlengwa. Omunye wabafowabo angamhlenga;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite