Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:3 - IsiZulu 2020

3 Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngalokho ngiqondise ngenxa yegama lakho, ungiqondise.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:3
21 Referans Kwoze  

ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.


Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.


ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.


Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho, makungihole kungiyise entabeni yakho engcwele, nasezindlini zakho,


Simakade, ngenxa yegama lakho ngithethelele isiphambeko sami, ngokuba sikhulu.


Ngiholele eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba Wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngethembele kuwe njalo.


Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”


Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.


AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”


ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.


Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.


Izinsuku zami ziphele njengomusi, namathambo asha njengezinkuni.


Ngokuba ubeke indlebe yakhe kimi, ngizokhuleka kuye ngisaphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite