Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:23 - IsiZulu 2020

23 Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kumelwe nithande uJehova, nonke nina enibathandayo, ngoba uJehova uyamlondoloza othembekile futhi amvuze ngokuchichimayo owonileyo ozidlayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:23
22 Referans Kwoze  

Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.


Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Mesabeni uSimakade nina bangcwele bakhe, ngokuba abamesabayo abasweli lutho.


Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele.


Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.


Yenza kulo lokho elikwenzile, ukuphindaphinde kabili okwemisebenzi yalo; endebeni ebelixubela kuyo, lixubele ngokuphindiwe;


Ekuvukeni, mhla bevuswayo, uyakuba ngumkabani kubo, lokhu bonke abayisikhombisa ubengumkabo na?”


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Iyokuphindisela okubi okwenziwe yizitha zami; zibhubhise ngeqiniso lakho.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.


Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo, isandla sami sibambelele ekwehluleleni, ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami, ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”


“Manje-ke, Israyeli, uSimakade uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, na? Ukuba umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abathembekileyo bakho bakubonge.


Nabezizwe abazihlanganisa noSimakade ukuba bamkhonze, nokulithanda igama likaSimakade ukuba babe yizinceku zakhe, zonke ezigcina isabatha, zingaloni, nezibambelela esivumelwaneni sami,


engikuyala ngakho namuhla ukuba umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo, ukulidla.


Ngathi: “Ngangiphakathi nempilo yami ngizongena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphucwe ingxenye yeminyaka yami.”


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli, bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, siphelelwe yithemba, sibhujisiwe.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite