Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:22 - IsiZulu 2020

22 Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Mina-ke ngithe ovalweni lwami: Ngixoshiwe emehlweni akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba ngathi ekuphuthumeni kwami: Nginqunyiwe phambi kwamehlo akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami lapho ngikhala kuwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:22
20 Referans Kwoze  

Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli, bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, siphelelwe yithemba, sibhujisiwe.’


Ulaka lwakho oluvuthayo lungehlele, ukwesabisa kwakho kungiqedile.


USimakade ukuzwile ukunxusa kwami, uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami.


Kakhulu kangakanani uma uthi awuboni, nokuthi icala liphambi kwakhe, wena ulindele Yena!


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’


Kodwa iZiyoni lithi: “USimakade ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.”


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”


USawule wahamba ngapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba. UDavide washesha wambalekela uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide nabantu bakhe ukuze bababambe.


Simakade mangingajabhiswa, ngokuba ngikhala kuwe, izikhohlakali mazijabhiswe, ziyiswe kwelabafileyo sezithule.


UDavide wayesethi ku-Abhigayili: “Makadunyiswe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukuba ungihlangabeze.


Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.


Makabongwe uNkulunkulu ongawenqabanga umkhuleko wami, noma wasisusa isihawu sakhe kimi.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite