Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:19 - IsiZulu 2020

19 Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yeka ubukhulu bobuhle bakho obubekele abakwesabayo; lokho okwenzile kulabo abathembela Kuwe phambi kwabantwana babantu!

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:19
24 Referans Kwoze  

Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”


Kusukela emandulo akekho owezwayo, akukho ndlebe eyalalela, akukho liso elabona omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho, obasebenzelayo labo abamlindelayo.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.


Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Kepha owasenzela lokho nguNkulunkulu, owasipha futhi isibambiso esinguMoya.


Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya baye eZiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”


UNkulunkulu umnene impela ku-Israyeli, kulabo abanenhliziyo ehlanzekileyo.


Simakade, uzosenzela ukuthula, ngokuba yonke imisebenzi yethu siyenzelwe nguwe.


UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho, qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona.


Ngakho-ke bhekani ubumnene nobunzima besandla sikaNkulunkulu kulabo abawa kanzima; kodwa bukuwe ubumnene bukaNkulunkulu, inqobo nje uma uhleli ebubeleni bakhe; nxa kungenjalo, nawe uzakunquma.


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Isixuku sonke sathula; salalela uBharnabha noPawula belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.


Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite