Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 31:17 - IsiZulu 2020

17 Simakade mangingajabhiswa, ngokuba ngikhala kuwe, izikhohlakali mazijabhiswe, ziyiswe kwelabafileyo sezithule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ngiyakubiza; mabajabhiswe ababi, bathuliswe endaweni yabafileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Mangingajabhi, Jehova; ngoba ngikubizile; mabajabhe ababi, bathule eHayidese.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 31:17
25 Referans Kwoze  

Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Abafileyo abamdumisi uSimakade, namunye wabo asebehlele endaweni yabafileyo.


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha.


Ukuba uSimakade ubengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala endaweni yabafileyo.


Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.


Mabajabhe, balulazeke abazingela ukuphila kwami. Mababuyiselwe emuva benxothozela abaceba okubi ngami.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho.


Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.


Ubeke injabulo enhliziyweni yami, eyedlula leyo yesikhathi lapho kunensada yokusanhlamvu, neyewayini labo elisha.


Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, kuyoze kube nini uyithukuthelele imikhuleko yabantu bakho na?


Ukhiphe umvini eGibhithe, wasusa izizwe, wawutshala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite