Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 30:5 - IsiZulu 2020

5 Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba ukufutheka kwakhe kuba ngokomzuzwana nje; emseni wakhe kukhona ukuphila: ukukhala kuhlezi ubusuku, kepha ekuseni kukhona intokozo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 30:5
28 Referans Kwoze  

Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


Hambani bantu bami, niye ezindlini zenu, nizivalele khona, nicashe isikhashana, luze lwedlule ulaka.


Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.


Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.


Ngokuba umusa wakho muhle kunokuphila, izindebe zomlomo wami zizokudumisa.


Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Mangizwe ububele bakho ekuseni, ngokuba ngethembela kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba umphefumulo wami ngiwuphakamisela kuwe.


Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


UJakobe wasala yedwa, indoda yimbe yabambana naye kwaze kwasa.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


UNkulunkulu wabuye wathi kuMose: “Uyakusho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘USimakade uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ungithumile kini.’ Leli yigama lami kuze kube phakade, engiyakukhunjulwa ngalo ezizukulwaneni ngezizukulwane.


UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo!


Thokozani kuSimakade, nina balungileyo, nibonge lapho nikhumbula ubungcwele bakhe.


Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abathembekileyo bakho bakubonge.


Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite