Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 29:8 - IsiZulu 2020

8 Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane, uSimakade unyakazisa ihlane; uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izwi likaJehova lizamazamisa ugwadule; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 29:8
9 Referans Kwoze  

Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.


Ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe ngiyokwenza izulu lithuthumele, nomhlaba uzamazame endaweni yawo, ngenxa yokuvutha kwentukuthelo kaSimakade Wamabandla.


nakuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuzela, nezintaba zizamazama ngokudlanga kwalo. Sela


Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.


ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo,


Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”


“Tshela uZerubhabhele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngizonyakazisa amazulu nomhlaba,


“Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Sekuzokuba ngumzuzwana nje bese ngizamazamisa izulu nomhlaba, ulwandle nomhlabathi owomileyo.’


“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite