Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 28:7 - IsiZulu 2020

7 USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami yathembela kuye, futhi ngasizwa; ngalokho inhliziyo yami ithokoza kakhulu; ngizamdumisa ngengoma yami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 28:7
36 Referans Kwoze  

Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade.


Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.


USimakade ungamandla abantu bakhe. Uyinqaba eyinsindiso yogcotshiweyo wakhe.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ngizolibonga igama likaNkulunkulu ngehubo, ngimbabaze ngokubonga.


Okhokho bethu bethembela kuwe; bakwethemba, Wena wabakhulula.


uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Inhliziyo yethu ithokozile ngaye, ngoba sethemba igama lakhe elingcwele.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.


Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.


Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


Ngizohlabelela kuSimakade ngokuba ungenzele okuhle.


Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.


Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?


Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite