Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 28:5 - IsiZulu 2020

5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaSimakade, nokwenziwe yizandla zakhe. Uyobadiliza, angabe esabakha kabusha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova nokwenza kwezandla zakhe; uyakubadiliza, angabakhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngenxa yokuthi bengayinaki imisebenzi kaJehova nomsebenzi wezandla zakhe, uyobachitha futhi angabakhi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 28:5
26 Referans Kwoze  

Emadilini abo kukhona ihabhu, ugubhu, isigubhu, igekle newayini, kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade; kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye,


Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.


Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade.


Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Ngizobuye ngikwakhe kabusha, wakheke wena ntombi engu-Israyeli. Uyophinde uvunule ngenjabulo, uphume ngokusina kwabathokozileyo.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; yizandla zami ezaleneka izulu, ngayala wonke amaviyo alo.


“Consani mazulu phezulu, amafu athulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; Mina Simakade ngikudalile.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


Nakhe indawo yokugcina amanzi phakathi kwezindonga ezimbili, ukugcina amanzi echibi elidala. Kodwa anibhekanga kulowo owalenzayo, animnakanga lowo okade wanquma ukulenza.


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Kuyokuthi uma ulalela konke engiyokukuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso nemiyalo yami njengalokhu kwenza uDavide, inceku yami, ngiyokuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile njengoba ngakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.


“Ngokuba Wena Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, ukwembulile endlebeni yenceku yakho ukuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu,’ ngalokho-ke inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.


Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’


Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite