Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 28:1 - IsiZulu 2020

1 Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami, ungazenzi isithulu kimi, funa uma uthalalisa, ngifane nalabo abehlela egodini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Ngikhala kuwe, Jehova, dwala lami; ungangithuli, funa ungithulele, ngingabi njengabehlela egodini.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 28:1
21 Referans Kwoze  

Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha, sibaphonse egodini bephila.


Nkulunkulu, ungathuli, ungabi yisithulu, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.


yamphonsa kwalasha, yamvalela phakathi, yavala ngci ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane. Emva kwalokho kumele ukuba akhululwe okwesikhashana.


Thembani kuSimakade kuze kube phakade, ngokuba unguSimakade, yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.


Uwuhlengile umphefumulo wami, awaze wedlulela egodini; impilo yami izokubona ukukhanya.’


Ngokuba indawo yabafileyo ayinakukubonga, nokufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthembela ekulungeni kwakho.


Simakade, uyakubona; mawungathuli, Nkosi, mawungabi kude nami.


“Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


Ngikhala kuNkulunkulu ngezwi eliphakemeyo, ngiyamemeza ukuze angizwe uNkulunkulu.


Izikhukhula mazingangisibekeli, utwa lungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.


Ngezwi lami ngikhala kuSimakade, ngezwi lami nginxusa uSimakade.


“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?”


Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele.


Isikhalo sami ngisithulula phambi kwakhe, ngimtshela ngenhlupheko yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite