Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 27:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 27:1
45 Referans Kwoze  

ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”


USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?


USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.


Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.


USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, ube yinsindiso yami.


Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade.


USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.


Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.


Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.


Samemeza ngezwi elikhulu, sathi: “Insindiso ingekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi, neyeWundlu!”


ngokuba amehlo ami ayibonile insindiso yakho


Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.


Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


abantu bonke bazakuyibona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu.


Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.


Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?


ungazesabi, kodwa khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibhithe:


Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.


Ngokuba ngawe ngingahlasela impi, ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange.


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite