Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 26:9 - IsiZulu 2020

9 Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni nokuphila kwami kanye nabantu begazi

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ungabutheli umphefumulo wami nezoni, nokuphila kwami nabantu begazi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 26:9
14 Referans Kwoze  

Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


“Bayakuphendula-ke nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usejele, sangakusiza na?’


Zonke izizwe ziyakubuthelwa phambi kwayo; ihlukanise abanye kwabanye, njengomelusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi.


iyinqamule kabili, iyabele isabelo sayo nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.”


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho.


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho!


Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite