Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 26:10 - IsiZulu 2020

10 abazandla zabo zingamathuluzi enkohlakalo, esokunene sabo sigcwele imifumbathiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Okusezandleni zabo okubi, nesandla sabo sokunene sigcwele imivuzo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 26:10
17 Referans Kwoze  

Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,


Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, aphambukela enzuzweni embi, agwazelwa, ahlanekezela ubulungiswa.


“Awuyukwamukela ukufunjathiswa, ngokuba ukudizelwa kuyaziphuphuthekisa izikhulu, bese kuphambanisa nendlela yalabo abahamba ngokulunga.


Kwathi kungasa, abaJuda benza itulo, bazibophezela ukuthi abasoze badla futhi baphuze lutho bengakambulali uPawula.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi, nokuthi izono zenu zinkulu kangakanani, nina enicindezela abalungileyo, nemukele umfumbathiso, nithalalise udaba lwabantulayo esangweni.


Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi,


Ngokuba abalali uma bengakwenzanga okubi; bayaqwasha uma bengakhubekisanga muntu;


ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi.


Ulele ecansini, uceba ububi, uzimisele ngendlela engalungile, akakwenyanyi okubi.


Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite