Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:7 - IsiZulu 2020

7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ungakhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngicabange ngokomusa wakho ngenxa yomusa wakho, Jehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:7
25 Referans Kwoze  

“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.


Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami, ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.


Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho, wesule iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.


Ngokuba ngiyakubahawukela nakuba bonile, ngingabe ngisazikhumbula nezono zabo.”


Ngisize, Simakade Nkulunkulu wami, ngisindise ngokomusa wakho,


Mawungasibaleli amacala akuqala, umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho, ngomusa wakho ungisindise.


Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho.


Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha, kodwa ayolala othulini kanye naye.


Emva kwalokho uJesu wamfica lowo muntu ethempelini, wathi kuye: “Usuphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokhu.”


Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engama-38.


Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.


Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.


Kungoba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kodwa ezingela umuntu owentulayo, ompofu nodabukileyo enhliziyweni, ukuba ababulale.


Ububi bokhokho bakhe mabukhumbuleke kuSimakade, masingesulwa isono sikanina.


Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke.


Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho,


Ngenxa yami, impela ngenxa yami, ngiyokwenza. Kungani iGama lami lingcoliswa na? Angiyukuyinika omunye inkazimulo yami.


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite