Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:19 - IsiZulu 2020

19 Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zami, nokuthi zingiphethe ngendlakandla nangenzondo engakanani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Bheka izitha zami, ngokuba ziningi; ziyangizonda ngenzondo yonya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nakani izitha zami; ngokuba baningi; futhi bayangizonda ngenzondo enonya.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:19
21 Referans Kwoze  

Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Izitha zami zingenzakalisa njalo, ngokuba baningi abalwa nami ngokuqhosha.


Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,


Izitha zami ziphilile, zinamandla, baningi abangizondela ize;


Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.”


Abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna iqhinga lokuthi bangambulala kanjani uJesu, ngokuba babesaba abantu.


Isitha sizingela umphefumulo wami, impilo yami siyigandaya emhlabathini, singenze ngahlala ebumnyameni njengalabo abafa kudala.


Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe.


Ngivikele ezandleni zomubi, ungilonde kumuntu oyisidlova, oceba ukukhubekisa izinyawo zami.


Simakade, ngikhulule kumuntu omubi, ungivikele kumuntu oyisidlova.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Nkulunkulu, izedeleli zingivukele, isigejana sezixhwanguxhwangu sizingele umphefumulo wami, sangaba nandaba nawe.


Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo.


Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.


UNkulunkulu ungiphindiselele, wenza abantu bazithobe phansi kwami. Wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.


USimakade uyamvivinya olungileyo, kodwa uyamzonda othanda ubudlova.


UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


abaphindisela okuhle ngokubi, bengethwesa icala, ngokuba mina ngenza okulungileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite