Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 25:13 - IsiZulu 2020

13 Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama, inzalo yakhe iyakuzuza izwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Umphefumulo wakhe uyakuhlala ngokuthula; nenzalo yakhe iyakudla ifa lomhlaba.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 25:13
32 Referans Kwoze  

Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu.


Ukumesaba uSimakade kuholela ekuphileni; onakho uhlala enelisiwe, akehlelwa ngokubi.


Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Abayukushikashikela ize, noma bazale izingane bezizalela ukuhlupheka, ngokuba bayizizukulwane zababusisiweyo bakaSimakade, kanjalo nabantwana babo.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Uphana, atshelekise ekhululekile, nozalo lwakhe luyisibusiso.


Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.


ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Abantwana bezinceku zakhe bazolidla libe yifa labo, nalabo abathanda igama lakhe bazohlala kulo.


Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga.


UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu.


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


“NgoBhenjamini wathi: ‘Othandiweyo kaSimakade uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.’


Olungileyo uhamba ngobuqotho; babusisiwe abantwana bakhe.


Umphefumulo wami uyosutha kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha, umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo,


Abalungileyo bazokudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo ingunaphakade.


Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba; abaqalekisileyo babhubhe.


Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho.


Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.


Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.


Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite