Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 24:7 - IsiZulu 2020

7 Phakamisani, amakhanda enu masango! Niphakame nani minyango yaphakade, phakamani ukuze iNkosi yenkazimulo ingene.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Phakamisani amakhanda enu, O masango! futhi ziphakamiseni, minyango yaphakade! futhi inkosi yodumo iyongena.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 24:7
23 Referans Kwoze  

Vulani amasango ukuze isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.


“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”


Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo.


Amazulu ashumayela ngokulunga kwakhe, nezizwe zonke ziyayibona inkazimulo yakhe.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.


abaphristi abakwazanga ukuqhubeka nokukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu yakhe.


othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.


Bawungenisa umphongolo kaSimakade, bawubeka endaweni yawo, phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. UDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, phambi kukaSimakade.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


“Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Sukuma, Simakade, uye endaweni yakho yokuphumula, Wena nomphongolo wamandla akho.


Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu.


Abaphristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade endaweni yawo egumbini lendlu eliphakathi; endaweni engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubhi.


Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.


Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi.


Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; yakhani, niwakhe umendo, nikhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.


Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite