Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 23:5 - IsiZulu 2020

5 Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 23:5
23 Referans Kwoze  

KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.


Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.


Simakade, uyisabelo sami nendebe yami; uphethe ukuphila kwami.


“Impela uyakukukhulula osizini, akubeke endaweni ebanzi, lapho kungekho ukunyinyeka khona, kubekwe okunonile etafuleni lakho.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo,


Indebe yesibusiso esiyibusisayo, ayisiyo yini inhlanganyelo yegazi likaKhristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo yini inhlanganyelo yomzimba kaKhristu na?


Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu.


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo.


Ngiyophakamisa indebe yensindiso, ngilibize igama likaSimakade.


Abahluphekayo bayokudla, basuthe; labo abamfunayo uSimakade, bayomdumisa. Sengathi izinhliziyo zenu zingaphila ingunaphakade.


Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalendlala yini itafula ehlane na?


Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.


Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.


Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.


Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,


Iso lami liyakuzibona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngabenzi bokubi abangivukelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite