Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:6 - IsiZulu 2020

6 Kepha mina angisemuntu, ngiyimpethu nje; ngiyisigcono sabantu, nendelelo ezizweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha mina ngiyisibungu, angikho; ihlazo labantu nokudelelwa ngabantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:6
22 Referans Kwoze  

Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu nje, nendodana yomuntu eyisibungu na?”


Usho kanje uSimakade, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelekile oyisinengiso esizweni, noyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona qede asukume; izikhulu zikubone, bese zikhothama ngenxa kaSimakade othembekileyo, oNgcwele ka-Israyeli; okukhethileyo.”


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; Mina ngiyokusiza,” kusho uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli.


Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


INdodana yomuntu yafika yadla, yaphuza, kodwa bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala ukuthi kuyiqiniso ngemiphumela yakho.”


Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Ngakho-ke abaJuda bamangala, bathi: “Lo muntu uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”


Makamnike isihlathi ommukulayo, asuthe inhlamba.


AbaJuda baphendula, bathi kuye: “Asikhulumi lona yini iqiniso uma sithi ungumSamariya futhi unedimoni na?”


Isixuku saphendula, sathi: “Unedimoni wena, ngubani ofuna ukukubulala na?”


AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.”


Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.


Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho.


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.


Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite