Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:5 - IsiZulu 2020

5 Bakhala kuwe, bakhululwa; bethembela kuwe, abaze bajabha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bakhala kuwe, bakhululwa; bethemba wena, abaze bajabha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bakhala kuwe, basindiswa; bathembele Kuwe futhi abazange bajabhiswe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:5
17 Referans Kwoze  

Umbhalo uthi: “Bonke abakholwa kuye abayukujabhiswa.”


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”


njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Bukani, ngibeka eZiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa; okholwa yilo akayukujabhiswa.”


Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.”


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo.


Kuwena, Simakade, ngiyakhosela, mangingajabhi naphakade.


Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho.


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babengenalutho ngenxa yabakwaMidiyani, base bekhala abantu bakwa-Israyeli kuSimakade, bacela usizo.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite