Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:29 - IsiZulu 2020

29 Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe, naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Bonke abakhulupheleyo emhlabeni bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe; futhi akekho ongagcina umphefumulo wakhe uphila.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:29
20 Referans Kwoze  

ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba


Indodakazi yaseThire nabantu abacebileyo bancenga umusa wakho ngesipho.


Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.


Uvusa ontulayo othulini, amphakamise ompofu ezaleni,


Ngizifunge Mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyukubuyela emuva: wonke amadolo, ayoguqa kimi nezilimi zonke ziyofunga.


Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba alethe kuwo ubukhosi bawo.


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele emabeleni amakhosi; uyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


Uzodilizwa, ukhulume usemhlabathini, amazwi akho azophuma phansi othulini, izwi lakho livele emhlabathini njengelomthakathi, inkulumo yakho iyonyenyeza, ivela othulini.


Ngakho iNkosi uSimakade Wamabandla izothumela isifo esincunzayo phakathi kwamabutho akhe akhulupheleyo, iphembe umlilo ngaphansi kwenkazimulo yayo umlilo uvuthe.


ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabo, wazibulala iziqhwaga, waziqumba phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.


Amehlo abo aphinqekile ngukunona, imicabango yenhliziyo iyachichima.


Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni, babuse elezintaba kwa-Esawu. Umbuso uyakuba ngokaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite