Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:27 - IsiZulu 2020

27 Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:27
23 Referans Kwoze  

Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,


“Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe ngeyakho.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”


Nina mindeni yabantu nikani uSimakade, mnikeni uSimakade inkazimulo namandla.


Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze.


Dumisani uSimakade nina bezizwe zonke, nimbabaze, nina bantu bonke.


lapho izizwe zibuthana ndawonye nemibuso, ukuzodumisa uSimakade.


Iyakubusa kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga; nalaba eSinimi.”


Uwukhumbulile umusa wakhe nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli. Yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


Kuyothi uma uhamba nathi, kwenzeka uSimakade asenzele noma yikuphi okuhle, nathi siyokwenzela okuhle.”


Gabani ngegama lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabafuna uSimakade.


Ngokuba uSimakade uyabezwa abentulayo, akabadeleli abakhe ababoshiweyo.


Abathobekileyo bayofumana kabusha intokozo kuSimakade, nabantulayo phakathi kwabantu bayojabulela oNgcwele ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite