Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:24 - IsiZulu 2020

24 ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngokuba akadelelanga, akanengwanga ukuhlupheka kwabadabukileyo; futhi akamfihlelanga ubuso bakhe; kodwa lapho embiza, wezwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:24
11 Referans Kwoze  

Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi.


Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Kepha mina angisemuntu, ngiyimpethu nje; ngiyisigcono sabantu, nendelelo ezizweni.


UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.” Esekushilo lokho, wafa.


Ungayifihleli ubuso bakho inceku yakho, ngokuba ngikhathazekile, phuthuma ungiphendule.


Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite