Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:15 - IsiZulu 2020

15 Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Amandla ami omile njengodoti lombumbi; ulimi lwami lunamathele emhlathini wami; wangingenisa othulini lokufa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:15
22 Referans Kwoze  

Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.”


Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.


Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


Inhliziyo yami ishaya ngamandla, umzimba ushona phansi, kunqundeke amehlo.


Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.


Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo womisa amathambo.


izwi lezikhulu lalithuliswa, ulimi lwazo lunamathele olwangeni.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Ulimi lomntwana oncelayo lunamathela olwangeni ngenxa yokoma. Izingane zicela isinkwa, kodwa akekho ozihlephulelayo.


“Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?


bonke abantu bayakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.


Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?


U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.


“Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite