Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 22:11 - IsiZulu 2020

11 Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, akekho ongisizayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ungabi kude nami; ngoba inkathazo iseduze; ngoba akekho ongasiza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 22:11
18 Referans Kwoze  

Nkulunkulu, ungabi kude nami, Nkulunkulu, phuthuma ungisize.


Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.


Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.


Simakade, ungangishiyi, Nkulunkulu wami ungabi kude nami.


Simakade, uyakubona; mawungathuli, Nkosi, mawungabi kude nami.


Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo; ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nolaka lwami lwangisekela.


Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.


USimakade wakubona ukuhlupheka kuka-Israyeli, kwamunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla; kwakungekho ongamsiza u-Israyeli.


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.


UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude.


Wafunga wagomela ephika futhi, ethi: “Angimazi lowo muntu.”


Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite