Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 20:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. UJehova uyakukuzwa ngosuku losizi; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 20:1
21 Referans Kwoze  

Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


Sisize esitheni, ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.


uJuda waba yindlu kaSimakade engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.


“Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


Ubusisiwe onakekela ohluphekayo, uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite