Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 2:4 - IsiZulu 2020

4 Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ohlezi ezulwini uyakuhleka; uJehova uyakubahleka.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 2:4
13 Referans Kwoze  

INkosi imhleka usulu, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe selusondele.


Kepha Wena Simakade uyabahleka, ubaklolodele bonke abezizwe.


NguYena ohleli esiyingelezini somhlaba, abakhileyo kuwo banjengezintethe; nguyena oweneka izulu njengekhethini, alendlale njengethende ukuba kuhlalwe kulo;


Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.


“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi: “ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi; indodakazi yaseZiyoni, ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.


Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.


Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite