Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 19:12 - IsiZulu 2020

12 Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ubani ongaqonda amaphutha akhe? Ngihlanze emaphutheni afihliweyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 19:12
19 Referans Kwoze  

Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.


“Ngifundiseni, mina ngizothula du, ningichazele ukuthi ngone ngani.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.


Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi.


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Owedelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalelo uyakuvuzwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite