Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 19:11 - IsiZulu 2020

11 Ngazo, ngisho inceku yakho iyexwayiswa. Ukuzigcina kunomvuzo omkhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nenceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi, inceku yakho iyaxwayiswa yizo, futhi ukuzigcina kukhona umvuzo omkhulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 19:11
25 Referans Kwoze  

Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo.


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Lapho kungekho mbono khona, abantu baba wumhlambi kazalusile, kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.


ukuze ukupha kwakho kube sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo.


Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Anginilobeli lokhu ukuba nginenze nizenyeze, kodwa ukuba ngineluleke njengezingane zami ezithandekayo.


Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.


ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”


Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.


Wonke amacala afika kini evela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezehlulelo, niyakubaxwayisa ngawo ukuba bangabi nacala kuSikamade, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu. Niyokwenza kanjalo, ningabi nacala.


Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.


Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami.


Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, izibilini zakho uzigcwalise ngalo mqulu engikunika wona.” Ngawudla, waba mnandi njengoju emlonyeni wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite