Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:8 - IsiZulu 2020

8 Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:8
18 Referans Kwoze  

Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.


Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.


Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo.


Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe.


Nkulunkulu, usilahleleni kwaze kwaba phakade na? Izimvu zedlelo lakho uzithunqiselelani ngentuthu yolaka lwakho na?


UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


Emlonyeni wayo kuphuma izihlonti, kuqhashe izinhlansi zomlilo.


Kuyothi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; ophuma emgodini uyobanjwa wugibe. Ngokuba amafasitela ezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite