Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:43 - IsiZulu 2020

43 Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Wangikhulula ekuxabaneni kwabantu; ungenze inhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:43
21 Referans Kwoze  

Bheka, uyobiza izizwe ongazazi, nezizwe ebezingakwazi zigijimele kuwe ngenxa kaSimakade uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.


Bonke abantu phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli babephikisana, bethi: “Inkosi yasisindisa esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti, manje ibalekile ezweni, ibalekela u-Absalomu.


Nina naningesiso isizwe, kepha manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; naningahawukelwanga, kodwa manje senihawukelwe.


Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,


kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo,


U-Izaya ubuye athi: “Kuyakuvela impande esiqwini sikaJesayi, eyakuvuka ukuba ibuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”


Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


UMowabi uyisitsha sami sokugezela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya, ngimemeza ngokunqoba.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite