Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:18 - IsiZulu 2020

18 Zingihlasele ngacishe ngabhubha, kodwa uSimakade wangivikela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bangivimbezela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:18
12 Referans Kwoze  

Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane, hhayi ubuso, ngosuku lwenhlekelele yabo.”


Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


Bangihlasela ngosuku engehlelwa ngalo yinhlekelele, kodwa uSimakade waba yinsika yami.


UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.


UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala,


Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite