Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 18:17 - IsiZulu 2020

17 Wangisindisa ezitheni zami ezinamandla; bezinamandla kunami, kodwa Yena wangihlenga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo ababengizonda, ngokuba babenamandla kunami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 18:17
16 Referans Kwoze  

Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.


Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”


Ulaka lwakhe luyadwengula, luyangisibekela, ungiququdela amazinyo, isitha sami singihlahlela amehlo.


Izitha zami ziphilile, zinamandla, baningi abangizondela ize;


USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.


Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zami, nokuthi zingiphethe ngendlakandla nangenzondo engakanani.


Yiba nesihawu kimi, Simakade. Bona ukuhlupheka kwami abangilethela khona abangizondayo. Nguwe ongiphakamisa ngilengela egodini lokufa,


Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba babenamandla amakhulu kunami.


UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala,


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Yelulela isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungihlenge emanzini amaningi, nasesandleni sabafokazi


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite