Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 17:7 - IsiZulu 2020

7 Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonisa umusa wakho omangalisayo, wena okhulula abathembela kuwe ngesandla sakho sokunene kulabo ababavukelayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 17:7
18 Referans Kwoze  

Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, usiphendule.


Makabongwe uSimakade, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo ngesikhathi ngisemzini ovinjezelweyo.


Manje sengiyaqonda ukuthi uSimakade uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: uyamphendula esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa asesandleni sakhe sokunene.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Ngiyakuwuvikela lo muzi, ngiwusindise ngenxa yami, nangenxa yenceku yami, uDavide.’ ”


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”


Weyise bani, wathuka bani na? Uliphakamisele bani izwi, uwabhekisele bani amehlo akho phezulu na? Ongcwele ka-Israyeli!


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani.


Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite