Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 17:1 - IsiZulu 2020

1 Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Umkhuleko kaDavide.) Zwana, Jehova, mahluleli, uzwe ukukhala kwami, uzwe umkhuleko wami ongaphumi ezindebeni ezikhohlisayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 17:1
31 Referans Kwoze  

Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.


Nkulunkulu, yizwa ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami.


Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi sokuma phambi kukaNkulunkulu,


“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


USimakade useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso.


INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Ngezwi lami ngikhala kuSimakade, ngezwi lami nginxusa uSimakade.


Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.


Simakade, beka indlebe yakho ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.


Impela uNkulunkulu uzwile, waqaphela izwi lomkhuleko wami.


Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.


USimakade ungiklomelisile, ngoba ngenza intando yakhe, ungenzele okuhle, ngoba ngimsulwa.


Sengathi Simakade ungehlulela izizwe! Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami nangobuqotho bami.


Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.


UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”


Banele ukungizwa nje, bangilalela; abantwana babafokazi bayathoba phansi kwami.


Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.


Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.


Ngangimsulwa kuye; ngazigcina, angenza okubi.


nakuba kungekho budlova ezandleni zami, nokukhuleka kwami kulungile.


Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami. INkosi igcina umphefumulo wami.


Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula, empini engibhekene nayo, ngokuba baningi abamelene nami.


Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.


Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.


Simakade, lalela umkhuleko wami, uzwe izwi lokunxusa kwami.


Umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.


Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule.


Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe yakho ekunxuseni kwami. ungiphendule ngokwethembeka kwakho nangokulunga kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite