Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 16:8 - IsiZulu 2020

8 Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyambeka uJehova phambi kwami njalo; ngoba ungakwesokunene sami, kangiyikuzanyazanyiswa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 16:8
13 Referans Kwoze  

USimakade ungumvikeli wakho, uSimakade ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.


NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.


Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene.


INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.


Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.


Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.


Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo.


Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na?


Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite