Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 16:7 - IsiZulu 2020

7 Ngiyakudumisa uSimakade ongelulekayo. Nasebusuku inhliziyo yami iyangiqondisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo; nasebusuku izinso zami ziyangiyala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngizamdumisa uJehova onginike iseluleko; nezinso zami ziyangifundisa ebusuku.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 16:7
20 Referans Kwoze  

Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.


Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami, nomoya wami uyahlolisisa.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi.


Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Usho kanje uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguSimakade uNkulunkulu wakho okufundise okukusizayo, nokuholile ngendlela okumele uhambe ngayo.


Ebusuku umphefumulo wami uyakulangazelela, ngiyokufunisisa ngomoya ongaphakathi kwami. Ngokuba lapho izehlulelo zakho zisemhlabeni, izakhamuzi zasemhlabeni zifunda ukulunga.


Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami.


Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo.


Ngiqwasha kuze kube kwesikabhadakazi, ukuze ngizindle ngezwi lakho.


Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Ubatshalile, futhi bagxila; bayakhula, futhi bathela izithelo; igama lakho lisezindebeni zemilomo yabo, kodwa izinhliziyo zabo zikude nawe.


Kwathi lapho inhliziyo yami iba nomunyu, nezinso zami zibhokodwa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite