Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 150:5 - IsiZulu 2020

5 Mdumiseni ngamasimbali ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Mdumiseni ngamasimbali* ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Mdumiseni ngamasimbali akhalisayo, nimdumise ngamasimbali anomsindo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 150:5
9 Referans Kwoze  

UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza.


UDavide nabakhuzi bempi behlukanisela umsebenzi amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani nakaJeduthuni; ayezophrofetha ngamahabhu, ngezingubhu, nangamasimbali. Abantu ababezokwenza umsebenzi wenkonzo babeyileli nani, bemi kanje:


Bonke laba babephethwe nguyise ekuhlabeleleni endlini kaSimakade ngamasimbali, ngezingubhu nangamahabhu ekukhonzeni endlini kaNkulunkulu. U-Asafa, uJeduthuni noHemani babephethwe yinkosi.


Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.


Abahlabeleli: uHemani, u-Asafa, no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali ethusi.


U-Asafa nguye owayengamele nesigaba sakhe sesibili, uZakhariya, uJeyiyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, uMathithiya, u-Eliyabe, uBhenaya, u-Obhede Edomi noJeyiyeli, bephethe izingubhu namahabhu, u-Asafa ephethe amasimbali, ewashaya.


UDavide nendlu yonke yakwa-Israyeli bathokoza phambi kukaSimakade bebetha izinhlobonhlobo zokhehlegume, ezomsayiphuresi, amahabhu, izingubhu, izigubhu, ubuxhaka namasimbali.


UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.


Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite