Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 15:3 - IsiZulu 2020

3 ongahlebi ngolimi lwakhe, ongenzi okubi kumngani wakhe, nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lowo ongaphindiseli ngolimi lwakhe, angalimazi umakhelwane wakhe, angamhlambalazi umakhelwane wakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 15:3
16 Referans Kwoze  

Uthando alukwenzi okubi kumakhelwane, ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.


Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli.


Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi.


“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.


Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali;


Ubusisiwe umuntu oyokwenza lokhu, nendodana yomuntu eyobambelela kukho, oyogcina isabatha angalingcolisi, noyobamba isandla sakhe ukuba singenzi nayikuphi okubi.”


Njengalokhu amazulu ephakeme, nomhlaba ujulile, injalo nenhliziyo yamakhosi, ayiphenyisiseki.


Xosha isedeleli, kuzophela ingxabano, ukuphikisana nehlazo.


bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.


Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke.


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite