Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 149:3 - IsiZulu 2020

3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mabadumise igama lakhe ekusina, bahlabele kuye ngesigubhu nehabhu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 149:3
19 Referans Kwoze  

Intombi iyakuthokoza ngokusina, izinsizwa nabadala bajabule kanyekanye. Ngiyakuguqula ukukhala kwabo kube yinjabulo, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.


Hubani iculo, nithathe isigubhu nohabhu; imiqangala ekhala kahle.


Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.


Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,


Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.


UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


Mbongeni uSimakade ngomqangala, nimculele ngehabhu elinezintambo ezilishumi.


Lapho abakhi bebeka isisekelo sethempeli likaSimakade, abaphristi bagqoka izingubo zabo zobuphristi, baphatha amacilongo. AbaLevi ababengamadodana ka-Asafa bathatha amasimbali, bahlabelela bedumisa uSimakade njengesimiso sikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli.


UHemani noJeduthumi babephethe amacilongo namasimbali okushaywa, nezinye izinsimbi zokubethwa kudunyiswa uNkulunkulu. Amadodana kaJeduthumi aqokwa amiswa ngasesangweni.


Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.


Bonke laba babephethwe nguyise ekuhlabeleleni endlini kaSimakade ngamasimbali, ngezingubhu nangamahabhu ekukhonzeni endlini kaNkulunkulu. U-Asafa, uJeduthuni noHemani babephethwe yinkosi.


Bafika eJerusalema bephethe izingubhu, amahabhu, namacilongo, bangena endlini kaSimakade.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”


Ngizobuye ngikwakhe kabusha, wakheke wena ntombi engu-Israyeli. Uyophinde uvunule ngenjabulo, uphume ngokusina kwabathokozileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite