Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 148:8 - IsiZulu 2020

8 nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umlilo nesichotho; iqhwa nomhwamuko; isivunguvungu esigcwalisa izwi lakhe:

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 148:8
24 Referans Kwoze  

Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.


Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.


Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.


Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, umlilo nezikhatha zentuthu.


Ngokuba ngomlilo nangenkemba, uSimakade uyokwehlulela bonke abantu, bayoba baningi abayobulawa nguSimakade.


Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.


Wendulelwa ngumbani, amafu akhe ehlisa isichotho namalahle avuthayo.


Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, uSimakade walududula ulwandle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, ulwandle waluphendula lwaba wumhlabathi owomileyo, amanzi ehlukana.


USimakade wayesewuguqula umoya waba ngumoya onamandla wasentshonalanga, waphephula isikhonyane wasithela oLwandle Lomhlanga, kwangasala nayinye intethe eGibhithe.


UMose welula induku yakhe phezu kweGibhithe; uSimakade wayesethumela umoya wasempumalanga ezweni imini nobusuku, ekuseni umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.


USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


ayazungeza, ajikeleze njengalokhu ewaqondisa, ukuze akufeze konke awayale khona ebusweni bomhlaba,


Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite