Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 147:5 - IsiZulu 2020

5 INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 INkosi yethu inkulu futhi inamandla amakhulu, ukuqonda kwayo akupheli.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 147:5
17 Referans Kwoze  

Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.


Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.


Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Akekho onjengawe Simakade; umkhulu, igama lakho likhulu emandleni.


Ngokuba mkhulu uSimakade, ufanele ukudunyiswa kakhulu; uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali.


USimakade mkhulu eZiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.


Impela ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu, nokuthi iNkosi yethu ingaphezu konkulunkulu bonke.


“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.


Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.


UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite