Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 147:13 - IsiZulu 2020

13 ngokuba imigoqo yamasango uyiqinisile, ubabusisile abantwana bakho ngaphakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba waqinisa imigoqo yamasango akho; Wababusisa abantwana bakho kuwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 147:13
20 Referans Kwoze  

Makuthi amadodana ethu, ebusheni bawo, afane nezithombo ezikhule kahle, amadodakazi ethu afane nezinsika zamakhona eziqoshelwe ukwakha isigodlo.


Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema, noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.


Abaphristi nabaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, amasango nogange.


Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi,


Amakhosi omhlaba, nazo zonke izakhamuzi zawo, azikholwanga ngukuthi izitha nabamelene neJerusalema babengangena emasangweni alo.


IZiyoni lenzele okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange eJerusalema.


Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mabangawavuli lize liphakame ilanga, kusihlwa basheshe bavale imigoqo nezicabha, ngesikhathi abaqaphi besaqaphile ezindaweni zabo. Ngabuye ngathi mabaqoke abaqaphi phakathi kwabantu abahlala eJerusalema, babamise ezindaweni ezithile, abantu behle benyuka bezungeza indawo eseduze nemizi yabo.”


Kwathi ukuba bezwe oSanibhalathi, uThobiya, uGeshemi umArabhu, nazo zonke izitha zethu ukuthi sengilwakhile ugange, futhi akusasele sikhala kulo, noma-ke ngaleso sikhathi ngangingakazifaki izicabha emasangweni,


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kuyakuzwakala futhi kule ndawo enithi ngayo iyincithakalo, akuhlali muntu nasilwane kuyo, emizini yakwaJuda, nasemigwaqweni eJerusalema ebhujisiweyo engenazakhamuzi, nabantu, nazilwane,


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite