Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 146:7 - IsiZulu 2020

7 Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 obenzela abacindezelweyo ukwahlulela, obapha abalambileyo ukudla; uJehova uyakhulula iziboshwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 146:7
27 Referans Kwoze  

USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa.


UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.


Umphefumulo wami ukhulule ejele, ukuze ngibonge iGama lakho. Abalungileyo bayongizungeza, ngoba uzongiphatha kahle.


Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.


Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yejele ebusuku; isibakhiphile, yathi:


Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, engamaqoma ali-12.


Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngiyakwenelisa umphefumulo wabaphristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.


opha bonke abantu ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela


Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”


Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite