Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 146:5 - IsiZulu 2020

5 Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 146:5
17 Referans Kwoze  

Babusisiwe abantu abayokwehlelwa yizibusiso ezinjalo, babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguSimakade.


Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe.


Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


Simakade Nkulunkulu Wamabandla, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe.


Wayesethi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.” UMose wafihla ubuso bakhe, ngokuba wayesaba ukubheka uNkulunkulu.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”


‘Anotshela uJosefa ukuthi: ngiyakuncenga ukuba uxolele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba benza okubi kuwe.’ Manje siyakunxusa ukuba uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” Kwathi ukuba lowo myalezo ufike kuJosefa, wakhala.


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


Wozani, nibone imisebenzi kaSimakade, incithakalo ayehlisele emhlabeni.


Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembela kuSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite